Udaniyeli 8:9-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, nangasempumalanga, nangasezweni elihle.

10. Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini, lwaphonsa phansi okunye kwebandla, okwezinkanyezi, lwakunyathela.

11. Yebo, lwazikhulisa kwaze kwaba nasesikhulwini sebandla, lwasaphuca umnikelo oshiswa imihla yonke, nendawo yendlu yaso engcwele yaphonswa phansi.

12. Kwabekwa impi yokulwa kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke ngesiphambeko: lwaphonsa phansi iqiniso, lwenza njengentando yalo, lwaba nempumelelo.

13. Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”

14. Wathi kimi: “Koze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu; bese yihlanjululwa indlu engcwele.”

15. Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami kungathi isimo somuntu.

16. Ngezwa izwi lomuntu phakathi kwe-Ulayi elalimemeza lathi: “Gabriyeli, menze lo ukuba aqonde umbono.”

17. Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami; kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”

18. Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.

19. Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela.

Udaniyeli 8