Udaniyeli 8:12-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Kwabekwa impi yokulwa kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke ngesiphambeko: lwaphonsa phansi iqiniso, lwenza njengentando yalo, lwaba nempumelelo.

13. Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”

14. Wathi kimi: “Koze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu; bese yihlanjululwa indlu engcwele.”

15. Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami kungathi isimo somuntu.

16. Ngezwa izwi lomuntu phakathi kwe-Ulayi elalimemeza lathi: “Gabriyeli, menze lo ukuba aqonde umbono.”

17. Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami; kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”

18. Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.

19. Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela.

20. Inqama oyibonileyo inezimpondo ezimbili, zingamakhosi aseMediya nasePheresiya.

21. Impongo iyinkosi yaseJavini; uphondo olukhulu olusemkhathini wamehlo ayo luyinkosi yokuqala.

22. Kepha olwaphukileyo, esikhundleni salo okwavela ezine, kuyakuvela imibuso emine esizweni salo, ingenamandla alo kodwa.

23. “Ekugcineni kokubusa kwayo, lapho izihlubuki seziphelele, inkosi elukhuni ngobuso, eqonda izimfumbe, iyakuvela.

24. Iyakuba namandla amakhulu, ingenamandla eyokuqala kodwa; iyakuchitha ngokumangalisayo, iphumelele ukukwenza; iyakuchitha abanamandla nabantu abangcwele.

25. Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.

26. “Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”

27. Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.

Udaniyeli 8