17. ‘Lezo zilo ezinkulu ezine zingamakhosi amane ayakuvela emhlabeni.
18. Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’
19. “Ngase ngifuna ukwazi iqiniso ngesilo sesine esahlukile kuzo zonke zazo, esesabekayo kakhulu, esimazinyo aso ayeyinsimbi, nezinzipho zaso ziyithusi, esasidla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo;
20. nangezimpondo eziyishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma izinto ezinkulu, olukubonakala kwalo kwakukukhulu kunezinye.
21. Ngisabheka, lolo phondo lwalwa nabangcwele, lwabahlula,
22. waze wafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke banikwa ukwahlulelwa, kwafika isikhathi sokuba umbuso ube ngowabangcwele.
23. “Wayesethi: ‘Isilo sesine siyakuba ngumbuso wesine emhlabeni, oyakwahluka kuyo yonke imibuso, udle wonke umhlaba, uwunyathele, uwaphule.
24. Izimpondo eziyishumi-ke, kulowo mbuso kuyakuvela amakhosi ayishumi, kuvele enye emva kwawo; iyakwahluka kwawokuqala, ithobise amakhosi amathathu.
25. Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke, ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.
26. “ ‘Kepha abahluleli bayakuhlala, basuse ukubusa kwayo kudliwe, kuchithwe kuze kube sekupheleni.
27. Umbuso nokubusa nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke; umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’
28. “Nakhu ukuphela kwendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, nokucwebezela kwami kwaguquka kimi, kepha ngayigcina indaba enhliziyweni yami.”