11. “Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yenhlokomo yamazwi amakhulu akhulunywa luphondo; ngabheka saze sahlatshwa isilo, wachithwa umzimba waso, sanikelwa ukuba sishiswe ngomlilo.
12. Kepha ezinye izilo, ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa ukuphila kwazo kwelulwa isikhathi nenkathi.
13. “Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku, yasondezwa phambi kwakhe.
14. Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.
15. “Mina Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo, nemibono yekhanda lami yangihlupha.
16. Ngasondela komunye wababemi khona, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.
17. ‘Lezo zilo ezinkulu ezine zingamakhosi amane ayakuvela emhlabeni.
18. Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’
19. “Ngase ngifuna ukwazi iqiniso ngesilo sesine esahlukile kuzo zonke zazo, esesabekayo kakhulu, esimazinyo aso ayeyinsimbi, nezinzipho zaso ziyithusi, esasidla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo;
20. nangezimpondo eziyishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma izinto ezinkulu, olukubonakala kwalo kwakukukhulu kunezinye.
21. Ngisabheka, lolo phondo lwalwa nabangcwele, lwabahlula,
22. waze wafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke banikwa ukwahlulelwa, kwafika isikhathi sokuba umbuso ube ngowabangcwele.
23. “Wayesethi: ‘Isilo sesine siyakuba ngumbuso wesine emhlabeni, oyakwahluka kuyo yonke imibuso, udle wonke umhlaba, uwunyathele, uwaphule.
24. Izimpondo eziyishumi-ke, kulowo mbuso kuyakuvela amakhosi ayishumi, kuvele enye emva kwawo; iyakwahluka kwawokuqala, ithobise amakhosi amathathu.