1. Ngomnyaka wokuqala kaBelishasari, inkosi yaseBabele, uDaniyeli wabona iphupho nemibono yekhanda lakhe embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda inhloko yezindaba.
2. UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka elwandle olukhulu.
3. Izilo ezine ezinkulu zakhuphuka elwandle, zahlukile esinye kwesinye.
4. “Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi; ngabheka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.
5. “Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere,* samiswa ngolunye uhlangothi, izimbambo ezintathu zisemlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’
6. “Emva kwalokho ngabona; bheka, esinye, sinjengengwe, sinamaphiko amane enyoni emhlane; isilo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.
7. “Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi.
8. “Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.