Udaniyeli 7:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka wokuqala kaBelishasari, inkosi yaseBabele, uDaniyeli wabona iphupho nemibono yekhanda lakhe embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda inhloko yezindaba.

2. UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka elwandle olukhulu.

3. Izilo ezine ezinkulu zakhuphuka elwandle, zahlukile esinye kwesinye.

4. “Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi; ngabheka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.

5. “Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere,* samiswa ngolunye uhlangothi, izimbambo ezintathu zisemlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’

6. “Emva kwalokho ngabona; bheka, esinye, sinjengengwe, sinamaphiko amane enyoni emhlane; isilo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.

7. “Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi.

8. “Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.

9. “Ngisabheka,kwabekwa izihlalo zobukhosi,kwahlala omdala wezinsuku;izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa,izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo;isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo,amasondo aso engumlilo ovuthayo.

10. Umnonjana womlilo wavela,waphuma phambi kwakhe;izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza,nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumizazimi ngaphambi kwakhe;kwahlala abahluleli,izincwadi zavulwa.

11. “Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yenhlokomo yamazwi amakhulu akhulunywa luphondo; ngabheka saze sahlatshwa isilo, wachithwa umzimba waso, sanikelwa ukuba sishiswe ngomlilo.

12. Kepha ezinye izilo, ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa ukuphila kwazo kwelulwa isikhathi nenkathi.

Udaniyeli 7