21. waxoshwa kubantwana babantu; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nenhlalo yakhe yayinezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka phezu kwayo amthandayo.
22. “Nawe ndodana yakhe, Belishasari, awuthobanga inhliziyo yakho, noma wazi konke lokho,
23. kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho; wena nezinduna zakho, nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo, utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni, abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.
24. Yayisithunywa le nxenye yesandla ivela kuye, walotshwa lo mbhalo.
25. “Yilo umbhalo owalotshwa: MENE, MENE TEKEL, UFARSIN.
26. “Nansi incazelo yale nto: MENE: uNkulunkulu ubalile umbuso wakho, uwuqedile.
27. TEKEL: ulinganisiwe esilinganisweni, ufunyenwe ulula.
28. PERES: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya.”
29. Khona uBelishasari wayaleza, bamembathisa uDaniyeli okububende, bafaka umgexo wegolide entanyeni yakhe, benza isimemezelo ngaye ukuthi ubeyakubusa engowesithathu embusweni.
30. Ngalobo busuku uBelishasari inkosi yamaKaledi wabulawa.
31. UDariyu umMede wamukela umbuso eneminyaka engamashumi ayisithupha nambili.