Udaniyeli 5:12-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, nokwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, nokubonakalisa izimfumbe, nokuthukulula amafindo kuye uDaniyeli lowo inkosi eyambiza ngokuthi uBeliteshasari; kalokhu makabizwe uDaniyeli, uyakubonakalisa incazelo.”

13. Khona uDaniyeli wangeniswa phambi kwenkosi. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Wena unguDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda, abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na?

14. Ngizwile ngawe ukuthi umoya wawonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha okudluleleyo.

15. Manje-ke kungeniswe phambi kwami abahlakaniphileyo nabathwebulayo ukuba bafunde lo mbhalo, bangazise incazelo yawo, kepha behluleka ukubonakalisa incazelo yale ndaba.

16. Kepha ngizwe ngawe ukuthi ungaveza izincazelo, uthukulule amafindo; manje-ke uma ungafunda lo mbhalo, ungazise incazelo yawo, uyakwembathiswa okububende, ube nomgexo wegolide entanyeni yakho, ubuse ube ngowesithathu embusweni.”

17. Wayesephendula uDaniyeli, wathi phambi kwenkosi: “Izipho zakho mazibe kuwe, umuphe omunye imivuzo yakho; nokho ngiyakufundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.

18. “E nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi;

19. ngenxa yobukhulu owamnika bona, bonke abantu, nezizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.

20. Kepha lapho inhliziyo yakhe yaziphakamisa, nomoya wakhe waba lukhuni waze wazidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;

Udaniyeli 5