Udaniyeli 5:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UBelishasari inkosi wenzela izinduna zakhe eziyinkulungwane idili, waphuza iwayini ngaphambi kwaleyo nkulungwane.

2. UBelishasari esalinambitha iwayini wayaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva, uNebukadinesari uyise ayezikhiphe ethempelini laseJerusalema, ukuba inkosi nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo.

3. Base beletha izitsha zegolide ezazikhishwe ethempelini lendlu kaNkulunkulu yaseJerusalema, inkosi, nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo.

4. Baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nabesiliva, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe.

5. Ngasona leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani kokunamekiweyo kodonga lwendlu yenkosi; inkosi yabona inxenye yesandla esalobayo.

6. Kwase kuguquka ukucwebezela kwayo, nemicabango yayo yayesabisa, zaxhega izinyonga zokhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.

7. Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: “Ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende, abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”

8. Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazelo.

Udaniyeli 5