Udaniyeli 4:34-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. Ngasekugcineni kwezinsuku mina Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade.Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade,nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;

35. bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize;uyenza njengentando yakhe empini yasezulwininaphakathi kwabakhileyo emhlabeni;akakho ongavimbela isandla sakhe,noma athi kuye: “Wenzani na?”

36. Ngasona leso sikhathi wabuyela kimi umqondo wami, nobukhosi bami nokucwebezela kwami kwabuyela kimi, kwaba ludumo lombuso wami; abomkhandlu bami nezinduna zami bangifuna; ngase ngibekwa embusweni wami, ngenezelwa ubukhulu obudluleleyo.

37. Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.

Udaniyeli 4