Udaniyeli 4:1-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UNebukadinesari inkosi kubo bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezakhe emhlabeni wonke: ukuthula makuvame kinina.

2. Bekukuhle kimi ukwazisa izibonakaliso nezimangaliso uNkulunkulu oPhezukonke azenzile kimi.

3. Yeka ubuningi bezibonakaliso zakhe,namandla ezimangaliso zakhe!Umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade,nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane.

4. Mina Nebukadinesari ngangihlezi ngokuthula, ngatamasa endlini yami yobukhosi.

5. Ngase ngibona iphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono yekhanda lami yangesabisa.

6. Ngalokho ngakhipha isimemezelo sokuba kulethwe bonke abahlakaniphileyo baseBabele phambi kwami, ukuze bangazise incazelo yephupho.

7. Zase zifika izanusi, nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola, ngabatshela iphupho, kepha abangazisanga incazelo yalo.

8. Kodwa ngasekugcineni kwangena uDaniyeli phambi kwami ogama lakhe linguBeliteshasari njengegama likankulunkulu wami, okuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:

9. “Beliteshasari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo, ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazo yalo.

10. Yayinje imibono yekhanda lami ngisembhedeni wami: ngabona, bheka, nanko umuthi phakathi nomhlaba, nokuphakama kwawo kwakukukhulu.

11. Umuthi wakhula, waqina, ubude bawo bafinyelela ezulwini nokubonakala kwawo kwaze kwaba sekugcineni komhlaba.

12. Amaqabunga awo ayemahle, nezithelo zawo zaziziningi, kukhona kuwo ukudla kubo bonke; izilwane zasendle zazinomthunzi phansi kwawo, izinyoni zezulu zazihlala emagatsheni awo, nenyama yonke yondliwa kuwo.

13. “Ngabona emibonweni yekhanda lami ngisembhedeni wami, bheka, nango umlindi ongcwele ehla ezulwini.

14. Wamemeza ngamandla, washo kanje, wathi: ‘Gawula umuthi, unqume amagatsha awo, uvuthulule amaqabunga awo, uhlakaze izithelo zawo; izilwane mazisuke phansi kwawo, nezinyoni emagatsheni awo.

15. Nokho shiya isiqu sezimpande zawo emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi, ohlazeni lwasendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sibe nezilwane zasetshanini bomhlaba;

16. inhliziyo yakhe iyakuguqulwa ingabi ngeyomuntu, aphiwe inhliziyo yesilwane, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakhe.

Udaniyeli 4