11. nokuba ongawi phansi, akhuleke, aphonswe phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.
12. Kukhona amadoda abaJuda owabeke phezu kwezindaba zesifunda saseBabele, oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; lawa madoda, nkosi, awakunakanga; awakhonzi onkulunkulu bakho, awakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.”
13. Khona uNebukadinesari wayaleza ngolaka nangokufutheka ukuba kulethwe oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego. Base beletha lawo madoda phambi kwenkosi.
14. UNebukadinesari wathatha wathi kuwo: “Kungamabomu yini, Shadiraki, Meshaki, no-Abedi Nego ningakhonzi unkulunkulu wami, ningakhuleki esithombeni segolide engisimisileyo, na?
15. Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?”
16. OShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego baphendula, bathi enkosini: “Nebukadinesari, thina asidingi ukukuphendula kule ndaba.
17. Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.
18. Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, ngeke sakhuleka esithombeni segolide osimisileyo.”