1. UNebukadinesari, inkosi, wenza isithombe segolide, ubude baso buyizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi baso buyizingalo eziyisithupha, wasibeka ethafeni laseDura esifundeni saseBabele.
2. UNebukadinesari inkosi wayesethumela ukubutha izikhulu, nababusi, nezinduna, nabahluleli, nabaphathizikhwama, nabomkhandlu, nabameli, nabo bonke abaphathizifunda ukuba beze ekwahlukaniselweni kwesithombe uNebukadinesari inkosi asimisileyo.
3. Khona izikhulu, nababusi, nezinduna, nabahluleli, nabaphathizikhwama, nabomkhandlu, nabameli, nabo bonke abaphathizifunda babuthelwa ukwahlukaniselwa kwesithombe uNebukadinesari inkosi abesimisile, bema phambi kwesithombe uNebukadinesari asimisileyo.
4. Kwase kumemeza ummemezeli ngamandla, wathi: “We nina bantu nezizwe, nezilimi, niyayalwa
5. ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni segolide uNebukadinesari inkosi asimisileyo.
6. Ongawi phansi, akhuleke, uyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.”
7. Ngalokho lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, bonke abantu, nezizwe, nezilimi bawa phansi, bakhuleka esithombeni segolide asimisileyo uNebukadinesari inkosi.