Udaniyeli 2:39-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

39. “Emva kwakho kuyakuvuka omunye umbuso omncane kunawe, nomunye umbuso wesithathu wethusi oyakubusa emhlabeni wonke.

40. Umbuso wesine uyakuqina njengensimbi, ngokuba insimbi ichoboza, igxobe konke; nanjengensimbi ekwaphula konke lokhu, uyakugxoba, waphule.

41. Njengalokho wabona izinyawo nezinzwani, inxenye iyibumba lombumbi, inxenye insimbi, uyakuba ngumbuso owahlukeneyo; kepha kuyakuba kuwo amandla ensimbi, njengokuba wabona insimbi ixubene nebumba lodaka.

42. Njengalokho izinzwani zezinyawo zaziyinsimbi inxenye, nenxenye ibumba, umbuso uyakuba namandla nganxanye, ngakwenye inxenye ube buthakathaka.

43. Njengalokho wabona insimbi ixubene nebumba lodaka, bayakuzixubanisa nenzalo yabantu, kepha abayikunamathelana omunye nomunye, njengokuba insimbi ingahlangani nebumba.

44. “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.

45. Njengalokho wabona itshe ukuthi laqheshulwa entabeni kungengazandla, nokuthi lachoboza insimbi, nethusi, nebumba, nesiliva, negolide, uNkulunkulu omkhulu uyazisile inkosi okuyakuba khona emva kwalokhu; iphupho liqinisile, nencazo yalo iyiqiniso.”

46. Inkosi uNebukadinesari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.

47. Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, lokhu ubunamandla okubonakalisa le mfihlakalo.”

48. Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBabele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBabele.

49. UDaniyeli wacela enkosini, yabeka oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phezu kwezindaba zesifunda saseBabele, kepha uDaniyeli wayesesangweni lenkosi.

Udaniyeli 2