Udaniyeli 2:38-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. Ezindaweni zonke lapho abantwana babantu behlezi khona, izilwane zasendle nezinyoni zezulu uzinikele esandleni sakho, wenze ukuba ubuse phezu kwazo zonke. Wena uyikhanda legolide.

39. “Emva kwakho kuyakuvuka omunye umbuso omncane kunawe, nomunye umbuso wesithathu wethusi oyakubusa emhlabeni wonke.

40. Umbuso wesine uyakuqina njengensimbi, ngokuba insimbi ichoboza, igxobe konke; nanjengensimbi ekwaphula konke lokhu, uyakugxoba, waphule.

Udaniyeli 2