34. Wawusubona ukuthi kwaqheshulwa itshe kungengazandla, lashaya isithombe ezinyaweni zaso eziyinsimbi nebumba, lazichoboza.
35. Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.
36. “Yilelo iphupho; nencazo siyakuyisho phambi kwenkosi.
37. Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.
38. Ezindaweni zonke lapho abantwana babantu behlezi khona, izilwane zasendle nezinyoni zezulu uzinikele esandleni sakho, wenze ukuba ubuse phezu kwazo zonke. Wena uyikhanda legolide.
39. “Emva kwakho kuyakuvuka omunye umbuso omncane kunawe, nomunye umbuso wesithathu wethusi oyakubusa emhlabeni wonke.
40. Umbuso wesine uyakuqina njengensimbi, ngokuba insimbi ichoboza, igxobe konke; nanjengensimbi ekwaphula konke lokhu, uyakugxoba, waphule.
41. Njengalokho wabona izinyawo nezinzwani, inxenye iyibumba lombumbi, inxenye insimbi, uyakuba ngumbuso owahlukeneyo; kepha kuyakuba kuwo amandla ensimbi, njengokuba wabona insimbi ixubene nebumba lodaka.
42. Njengalokho izinzwani zezinyawo zaziyinsimbi inxenye, nenxenye ibumba, umbuso uyakuba namandla nganxanye, ngakwenye inxenye ube buthakathaka.