24. Ngalokho uDaniyeli wangena ku-Ariyoki obemiswe yinkosi ukuba abhubhise abahlakaniphileyo baseBabele. Wahamba, washo kanje kuye, wathi: “Ungababhubhisi abahlakaniphileyo baseBabele; ngingenise phambi kwenkosi, ngibonise inkosi incazelo.”
25. U-Ariyoki wayeseshesha ukumngenisa uDaniyeli phambi kwenkosi, washo kanje kuyo, wathi: “Ngifumene umuntu wabathunjwa bakwaJuda oyakwazisa inkosi incazelo.”
26. Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazo yalo na?”
27. UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi, wathi: “Imfihlakalo eyibuzayo inkosi, abahlakaniphileyo, nabathwebulayo, nezanusi, nabahlola imihlola, bangeyibonise yona inkosi.
28. Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:
29. “Wena-ke, nkosi, imicabango yakho yokuyakuba khona emva kwalokhu yafika kuwe usembhedeni wakho; owambula izimfihlakalo ukwazisile okuyakuba khona.
30. Mina-ke, akungokuhlakanipha enginakho kunabanye abakhona ukuthi le mfihlakalo yambuliwe kimi, kepha kungukuba inkosi yaziswe incazelo nokuba wazi imicabango yenhliziyo yakho.
31. “Wena nkosi wabona, bheka, isithombe esikhulu. Lesi sithombe esasisikhulu nesikucwebezela kwaso kwakukuhle sema phambi kwakho, nesimo saso sasesabeka.
32. Lesi sithombe-ke, ikhanda laso liyigolide elihle, isifuba saso nezingalo zaso kuyisiliva, isisu saso namathanga aso kuyithusi,
33. imilenze yaso iyinsimbi, izinyawo zaso inxenye yinsimbi, inxenye yibumba.
34. Wawusubona ukuthi kwaqheshulwa itshe kungengazandla, lashaya isithombe ezinyaweni zaso eziyinsimbi nebumba, lazichoboza.
35. Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.
36. “Yilelo iphupho; nencazo siyakuyisho phambi kwenkosi.
37. Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.
38. Ezindaweni zonke lapho abantwana babantu behlezi khona, izilwane zasendle nezinyoni zezulu uzinikele esandleni sakho, wenze ukuba ubuse phezu kwazo zonke. Wena uyikhanda legolide.