20. UDaniyeli wathatha wathi:“Malibongwe igama likaNkulunkulukusukela kwaphakade kuze kube phakade,ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;
21. uyaguqula izikhathi nezinkathi;uyasusa amakhosi, abeke amakhosi;unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha,nokwazi kwabaqonda ukwazi;
22. uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo;uyazi okusebumnyameni,nokukhanya kuhlezi kuye.
23. Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobabaongiphile ukuhlakanipha namandla,wangazisa esasikucela kuwe,ngokuba usazisile indaba yenkosi.”
24. Ngalokho uDaniyeli wangena ku-Ariyoki obemiswe yinkosi ukuba abhubhise abahlakaniphileyo baseBabele. Wahamba, washo kanje kuye, wathi: “Ungababhubhisi abahlakaniphileyo baseBabele; ngingenise phambi kwenkosi, ngibonise inkosi incazelo.”
25. U-Ariyoki wayeseshesha ukumngenisa uDaniyeli phambi kwenkosi, washo kanje kuyo, wathi: “Ngifumene umuntu wabathunjwa bakwaJuda oyakwazisa inkosi incazelo.”