Udaniyeli 2:12-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Ngalokho inkosi yathukuthela, yafutheka kakhulu, yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBabele.

13. Isimemezelo saphuma sokuthi abahlakaniphileyo babeyakubulawa; bamfuna uDaniyeli nabangane bakhe ukuba babulawe.

14. Khona uDaniyeli wabuyisela impendulo ngokuhlakanipha nangokuqonda ku-Ariyoki induna yemilindankosi owayephumile ukubulala abahlakaniphileyo baseBabele;

15. wathatha wathi ku-Ariyoki induna yenkosi: “Siphumeleni enkosini lesi simemezelo esicindezelayo na?” U-Ariyoki wayesemazisa uDaniyeli indaba.

16. UDaniyeli wayesengena, wacela enkosini ukuba imnike isikhathi ukuze abonise inkosi incazelo.

17. UDaniyeli wayeseya endlini yakhe, wazisa oHananiya, noMishayeli, no-Azariya, abangane bakhe, le ndaba

18. ukuba bacele umusa kuNkulunkulu wasezulwini ngale mfihlakalo, ukuze uDaniyeli nabangane bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBabele.

19. Khona yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.

20. UDaniyeli wathatha wathi:“Malibongwe igama likaNkulunkulukusukela kwaphakade kuze kube phakade,ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;

21. uyaguqula izikhathi nezinkathi;uyasusa amakhosi, abeke amakhosi;unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha,nokwazi kwabaqonda ukwazi;

22. uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo;uyazi okusebumnyameni,nokukhanya kuhlezi kuye.

23. Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobabaongiphile ukuhlakanipha namandla,wangazisa esasikucela kuwe,ngokuba usazisile indaba yenkosi.”

24. Ngalokho uDaniyeli wangena ku-Ariyoki obemiswe yinkosi ukuba abhubhise abahlakaniphileyo baseBabele. Wahamba, washo kanje kuye, wathi: “Ungababhubhisi abahlakaniphileyo baseBabele; ngingenise phambi kwenkosi, ngibonise inkosi incazelo.”

25. U-Ariyoki wayeseshesha ukumngenisa uDaniyeli phambi kwenkosi, washo kanje kuyo, wathi: “Ngifumene umuntu wabathunjwa bakwaJuda oyakwazisa inkosi incazelo.”

26. Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazo yalo na?”

27. UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi, wathi: “Imfihlakalo eyibuzayo inkosi, abahlakaniphileyo, nabathwebulayo, nezanusi, nabahlola imihlola, bangeyibonise yona inkosi.

28. Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:

29. “Wena-ke, nkosi, imicabango yakho yokuyakuba khona emva kwalokhu yafika kuwe usembhedeni wakho; owambula izimfihlakalo ukwazisile okuyakuba khona.

Udaniyeli 2