Udaniyeli 11:28-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Bese ibuyela ezweni lakubo inempahla enkulu, inhliziyo yayo imelane nesivumelwano esingcwele; isikwenzile iyakubuyela ezweni lakubo.

29. “Ngesikhathi esinqunyiweyo iyakubuya, iye eningizimu; kepha akuyikuba sekugcineni njengasekuqaleni.

30. Imikhumbi yaseKitimi iyakuyisukela; bese idabuka, ibuye ithukuthelele isivumelwano esingcwele, ifeze; iyakubuya, inake abasishiyile isivumelwano esingcwele.

31. “Izimpi ziyakuvela nayo, zingcolise indlu engcwele, inqaba, zisuse umnikelo oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esichithayo.

32. Iyakonakalisa ngokuthopha abaphatha kabi isivumelwano, kepha abantu abamaziyo uNkulunkulu wabo bayakuba namandla, baphikelele.

33. “Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi; kepha bayakuwa ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.

34. Ekuweni kwabo bayakusizwa ngokusizwa okuncane, bese bebambelela kubo abaningi ngokuthopha.

35. Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe mhlophe kuze kube sesikhathini sokuphela, ngokuba kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.

36. “Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.

37. Ayiyikunakekela onkulunkulu bawoyise nofiswa yisifazane, inganaki nonkulunkulu oyedwa, ngokuba iyakuzikhulisa phezu kwabo bonke.

38. Kepha unkulunkulu wezinqaba uyakumdumisa esikhundleni sabo, nonkulunkulu ababengamazi oyise uyakumdumisa ngegolide, nangesiliva, nangamatshe anqabileyo nangokunye okuthandiweyo.

39. Iyakwenze njalo ezinqabeni ezinamandla inonkulunkulu ongowabezizwe; omvumayo iyakumandisela udumo, imenze ukuba abuse abaningi, imahlukanisele izwe libe ngumvuzo wakhe.

40. “Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngezinqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.

41. Iyakungena nasezweni elihle, namanye amaningi ayakukhubeka, kepha lana ayakophulwa esandleni sayo: o-Edomi, noMowabi, nemvama yabantwana bakwa-Amoni.

Udaniyeli 11