Udaniyeli 11:16-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.

17. Uyakubhekisa ubuso bakhe ukufika namandla ombuso wakhe wonke kanye nezivumelwano, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayonakalise, kepha ayiyikuma, ingabi ngowakhe.

18. Useyakubuphendulela ubuso bakhe eziqhingini, athathe eziningi, kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye.

19. Useyakubuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo, kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa.

20. “Bese kuvela esikhundleni sakhe oyakudlulisa umthelisi emhlobisweni wombuso, kepha ngezinsuku eziyingcosana uyakubhujiswa, kungabi ngolaka nangokulwa kodwa.

21. “Esikhundleni sakhe kuyakuvela odelelekileyo abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobushelezi.

22. Ngengalo yesifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe, babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano.

23. Emva kokuvumelana naye uyakusebenza ngenkohliso, ngokuba uyakukhuphuka, abe namandla enesizwe esincane nje.

24. Ngesikhathi sokuthula uyakusukela izindawo ezinonileyo zesifunda, akwenze okungenziwanga ngoyise nangoyisemkhulu: uyakuhlakaza phakathi kwabo impango, nengcugco, nempahla, acebe amacebo ngezinqaba kube yisikhathi.

25. “Uyakuvusela inkosi yaseningizimu amandla akhe nesibindi sakhe ngempi enkulu, inempi enkulu enamandla impela; kepha ayiyikuma, ngokuba bayakuceba amacebo ngayo.

26. Abadla ukudla kwayo okumnandi bayakuyibhubhisa, impi yayo ikhukhulwe; abaningi bayakuwa phansi begwaziwe.

27. Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye, kepha akuyikuphumelela, ngokuba ukuphela kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.

28. Bese ibuyela ezweni lakubo inempahla enkulu, inhliziyo yayo imelane nesivumelwano esingcwele; isikwenzile iyakubuyela ezweni lakubo.

29. “Ngesikhathi esinqunyiweyo iyakubuya, iye eningizimu; kepha akuyikuba sekugcineni njengasekuqaleni.

Udaniyeli 11