Udaniyeli 11:13-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Inkosi yasenyakatho iyakubuya, iveze isixuku esikhulu kunesokuqala, ifike nokufika ngasekupheleni kwezikhathi eziyiminyaka nempi enkulu nempahla eningi.

14. “Ngalezo zikhathi abaningi bayakuyisukela inkosi yaseningizimu, nabaphangi babantu bakho bayakuziphakamisa ukuwuqinisa umbono, kepha bayakuwa.

15. Iyakufika inkosi yasenyakatho, inqwabele iduli, ithathe umuzi obiyelweyo; izingalo zaseningizimu aziyikuma, nabantu bayo abakhethiweyo abayikuba namandla okuma.

16. Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.

17. Uyakubhekisa ubuso bakhe ukufika namandla ombuso wakhe wonke kanye nezivumelwano, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayonakalise, kepha ayiyikuma, ingabi ngowakhe.

18. Useyakubuphendulela ubuso bakhe eziqhingini, athathe eziningi, kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye.

19. Useyakubuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo, kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa.

20. “Bese kuvela esikhundleni sakhe oyakudlulisa umthelisi emhlobisweni wombuso, kepha ngezinsuku eziyingcosana uyakubhujiswa, kungabi ngolaka nangokulwa kodwa.

21. “Esikhundleni sakhe kuyakuvela odelelekileyo abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobushelezi.

22. Ngengalo yesifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe, babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano.

Udaniyeli 11