8. Ngashiywa ngedwa; ngawubona lombono omkhulu, akusalanga mandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla.
9. Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngezwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.
10. Bheka-ke, kwangithinta isandla, sangimisa ukuba ngitotobe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami.
11. Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli zwi kimi, ngema ngithuthumela.
12. Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwiwa; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.
13. Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingamashumi amabili nanye, kepha bheka, uMikayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza ukungisiza, noma kade ngishiyiwe ngedwa khona namakhosi asePheresiya.
14. Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”
15. Esekhulumile kimi lawo mazwi, ngabhekisa ubuso bami phansi, ngathula.
16. Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.