Udaniyeli 10:15-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Esekhulumile kimi lawo mazwi, ngabhekisa ubuso bami phansi, ngathula.

16. Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.

17. Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na? Ngokuba mina, khona lapho akusalanga mandla kimi, nokuphefumula bekungasekho kimi.”

18. Wabuye wangithinta obonakala njengomuntu, wangiqinisa.

Udaniyeli 10