Udaniyeli 10:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka wesithathu kaKoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBeliteshasari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.

2. Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu apheleleyo.

3. Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.

4. Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yokuqala, ngiseceleni komfula omkhulu iHidekeli,

5. ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalweni igolide elicwengekileyo lase-Ufazi.

6. Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe,* nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.

7. Mina, Daniyeli, kuphela ngawubona umbono, ngokuba abantu ababe nami abawubonanga umbono, kepha behlelwa ngukuthuthumela okukhulu, babaleka ukuba bacashe.

8. Ngashiywa ngedwa; ngawubona lombono omkhulu, akusalanga mandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla.

Udaniyeli 10