6. Kulabo kwakukhona kubantwana bakwaJuda oDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya.
7. Induna yabathenwa yabetha amagama; uDaniyeli yametha ngokuthi uBeliteshasari, noHananiya uShadiraki, noMishayeli uMeshaki, no-Azariya u-Abedi Nego.
8. Kepha uDaniyeli wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo; wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi.
9. UNkulunkulu wamnika uDaniyeli ukuba athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa.
10. Induna yabathenwa yathi kuDaniyeli: “Mina ngiyesaba ukuthi inkosi yami, inkosi, emisile ukudla kwenu nokuphuza kwenu, iyakubona ubuso benu ukuba buxhozekile kunabafana abayintanga yenu, nilifake engozini ikhanda lami enkosini.”