Udaniyeli 1:19-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Inkosi yakhuluma nabo; phakathi kwabo bonke akufunyaniswanga muntu onjengoDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya; base bemi ngaphambi kwenkosi.

20. Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo yabafumanisa bedlula kayishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.

21. UDaniyeli wayekhona kwaze kwaba ngumnyaka wokuqala kaKoresi inkosi.

Udaniyeli 1