7. Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni;abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa,bakwahlule;abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho;akakho oluqondayo.
8. “Angithi ngiyakuchitha abahlakaniphileyo kwa-Edomingalolo suku,” usho uJehova,“nokuqonda entabeni yakwa-Esawu, na?
9. Amaqhawe akho, Themani,ayakuphela amandla,ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwa-Esawu ngokubulawa.
10. Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe,amahloni ayakukusibekela,unqunywe kuze kube phakade.
11. Ngosuku owema kude ngalo,ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe,nabezizwe bangena ngamasango akhe,benza inkatho ngeJerusalema,nawe wawunjengomunye wabo.
12. Kepha ungabheki usuku lomfowenu ngosuku lobufokazi bakhe,ungathokozi ngabantwana bakwaJuda ngosuku lokuchithwa kwabo,ungaqhalazi ngosuku losizi.
13. Ungangeni ngesango labantu bami ngosuku lwesigemegeme sabo,ungabheki ukuhlupheka kwabo ngosuku lwesigemegeme sabo,ningabeki sandla emfuyweni yabo ngosuku lwesigemegeme sabo.
14. Ungemi enhlanganweni yezindlela ukunquma abaphunyukileyo bakhe,ungakhapheli abaseleyo bakhe ngosuku losizi.
15. “Ngokuba usuku lukaJehova lusondeleezizweni zonke;njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe;izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.
16. Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele,bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe,baphuze, bagwinye,babe njengokungathi abazange babe khona.