U-Obadiya 1:14-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Ungemi enhlanganweni yezindlela ukunquma abaphunyukileyo bakhe,ungakhapheli abaseleyo bakhe ngosuku losizi.

15. “Ngokuba usuku lukaJehova lusondeleezizweni zonke;njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe;izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.

16. Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele,bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe,baphuze, bagwinye,babe njengokungathi abazange babe khona.

17. Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo,ibe ngcwele,nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.

U-Obadiya 1