U-Isaya 9:5-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwanezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa,zidliwe ngumlilo.

6. Ngokuba sizalelwa umntwana,siphiwa indodana;umbuso uyakuba semahlombe akhe,negama lakhe liyakuthiwauMluleki omangalisayo,uNkulunkulu onamandla,uYise ongunaphakade,iNkosi yokuthula.

7. Umbuso uyakuba mkhulu,ukuthula kungabi nakuphelaesihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe,ukuze uqiniswe, usekelwengokwahlulela nangokulunga,kusukela manje kuze kube phakade.Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.

8. INkosi ithume izwi kuJakobe,lehlela kwa-Israyeli.

9. Bonke abantu bayakwazi,u-Efrayimi nabakhe eSamariya,abasho ekuziphakamiseni kwabonasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:

10. “Izitini ziwile,kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo;imithombe igawuliwe,kepha siyakutshala imisedari* ezikhundleni zayo.”

11. UJehova uyabaphakamisela izitha zikaResini,ahlomise abamelene nabo,

12. i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva,bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.

13. Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo,futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.

14. Ngalokho uJehova uyanquma kwa-Israyeliikhanda nomsila, igatsha lesundu nomhlanga,ngalusuku lunye.

15. Ilunga nophakemeyo bayikhanda,nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.

16. Ngokuba abahola laba bantu bayabadukisa,nabaholwa yibo bayagwinywa.

17. Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo,ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo,ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi,nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.

18. Ngokuba ububi bushisa njengomlilo,buqeda amakhakhasi nameva,buthungela ezihlahleni zamahlathi,zize zifuquke insika yomusi.

19. Ngentukuthelo kaJehova Sebawotiizwe lishisiwe;abantu bangukudla komlilo,akakho osindisa umfowabo.

U-Isaya 9