U-Isaya 9:17-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo,ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo,ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi,nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.

18. Ngokuba ububi bushisa njengomlilo,buqeda amakhakhasi nameva,buthungela ezihlahleni zamahlathi,zize zifuquke insika yomusi.

19. Ngentukuthelo kaJehova Sebawotiizwe lishisiwe;abantu bangukudla komlilo,akakho osindisa umfowabo.

20. Umuntu uyahlwitha ngakwesokunene,abe esalambile nokho,adle ngakwesokhohlo, kepha angasuthi;bayakudla, kube yilowo nalowo inyama yengalo yakhe,

21. uManase u-Efrayimi,no-Efrayimi uManase,bobabili basukele kanyekanye uJuda;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.

U-Isaya 9