U-Isaya 9:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha ukuhwelela akuyikuba khona kohluphekayo. Njengesikhathi esidlule senza ukuba kufiliswe izwe lakwaZebuloni nezwe lakwaNafetali, isikhathi esizayo siyakwenza ukuba ikhazimule indlela yolwandle ngaphesheya kweJordani, isifunda sabezizwe.

2. Abantu abahamba ebumnyamenibabona ukukhanya okukhulu;abahlezi ezweni lethunzi lokufaukukhanya kuyabakhanyisela.

3. Uyakwandisa isizwe,ukhulise intokozo yaso;bathokoza phambi kwakhonjengokuthokoza ekuvuneni,njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.

4. Ngokuba ijoka lomthwalo wabo,nenduku yamahlombe abo,noswazi lomhluphi wabouyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.

5. Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwanezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa,zidliwe ngumlilo.

6. Ngokuba sizalelwa umntwana,siphiwa indodana;umbuso uyakuba semahlombe akhe,negama lakhe liyakuthiwauMluleki omangalisayo,uNkulunkulu onamandla,uYise ongunaphakade,iNkosi yokuthula.

7. Umbuso uyakuba mkhulu,ukuthula kungabi nakuphelaesihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe,ukuze uqiniswe, usekelwengokwahlulela nangokulunga,kusukela manje kuze kube phakade.Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.

8. INkosi ithume izwi kuJakobe,lehlela kwa-Israyeli.

9. Bonke abantu bayakwazi,u-Efrayimi nabakhe eSamariya,abasho ekuziphakamiseni kwabonasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:

U-Isaya 9