U-Isaya 8:8-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”

9. Bhevani nina zizwe,niyakuphela amandla nokho;bekani indlebe nina mazwe onke akude:zibhinceni, kepha niyakudangala,yebo, zibhinceni,niyakuphela amandla nokho.

10. Lulekanani nokululekana,kepha kuyakuchithwa;khulumani izwi, kodwa aliyikuma,ngokuba uNkulunkulu unathi.

11. Ngokuba uNkulunkulu ukhulumile kanjalo kimi ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:

12. “Ningasho ukuthi kuluzungu konkeabakushoyo laba bantu ukuthi kuluzungu,ningesabi abakwesabayo,nibe novalo ngakho.

13. UJehova Sebawoti,mngcweliseni yena,kube nguye enimesabayo,yebo, kube nguye eninovalo ngaye.

U-Isaya 8