U-Isaya 8:18-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Bheka, mina, nabantwana uJehova anginike bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuJehova Sebawoti ohlezi entabeni yaseSiyoni.

19. Lapho bethi kini: “Funani kwabanamadlozi nakubathakathi” ababetha imilozi, banyenyeze pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na?

20. Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa.

21. Bayakudabula izwe bexinekile, belambile; kuyakuthi lapho belamba, bavuke ulaka, bathuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, babheke phezulu.

22. Bayakubheka nasemhlabeni; bheka, nakho ukuhlupheka, nobumnyama, nokuhwelela kosizi; yebo, bayakuxoshelwa esigayegayeni.

U-Isaya 8