1. UJehova wathi kimi: “Zithathele isibhebhe esikhulu, ubhale kuso ngokwendlela yomuntu ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi.*
2. Ngazifakazisela ofakazi abaqinisileyo, u-Uriya umpristi noZakariya indodana kaJeberekiya.”
3. Ngase ngiya kumprofethikazi; wakhulelwa, wazala indodana. Wayesethi uJehova kimi: “Biza igama layo ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi.*
4. Ngokuba umntwana engakazi ukumemeza ngokuthi baba nomame, kuyakususwa ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yase-Asiriya.”
5. UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi:
6. “Ngenxa yokuba laba bantu badelela amanzi aseShilowa ahamba kancane, bathokoza ngoResini nendodana kaRemaliya,
7. ngalokho bheka, iNkosi iyabakhuphulela amanzi omfula anamandla namaningi -- yinkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo -- ukhuphuke phezu kwazo zonke izingu zawo, weqe nazo zonke izindonga zawo,
8. utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”