1. UJehova wathi kimi: “Zithathele isibhebhe esikhulu, ubhale kuso ngokwendlela yomuntu ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi.*
2. Ngazifakazisela ofakazi abaqinisileyo, u-Uriya umpristi noZakariya indodana kaJeberekiya.”
3. Ngase ngiya kumprofethikazi; wakhulelwa, wazala indodana. Wayesethi uJehova kimi: “Biza igama layo ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi.*
4. Ngokuba umntwana engakazi ukumemeza ngokuthi baba nomame, kuyakususwa ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yase-Asiriya.”
5. UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi:
6. “Ngenxa yokuba laba bantu badelela amanzi aseShilowa ahamba kancane, bathokoza ngoResini nendodana kaRemaliya,
7. ngalokho bheka, iNkosi iyabakhuphulela amanzi omfula anamandla namaningi -- yinkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo -- ukhuphuke phezu kwazo zonke izingu zawo, weqe nazo zonke izindonga zawo,
8. utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”
9. Bhevani nina zizwe,niyakuphela amandla nokho;bekani indlebe nina mazwe onke akude:zibhinceni, kepha niyakudangala,yebo, zibhinceni,niyakuphela amandla nokho.
10. Lulekanani nokululekana,kepha kuyakuchithwa;khulumani izwi, kodwa aliyikuma,ngokuba uNkulunkulu unathi.
11. Ngokuba uNkulunkulu ukhulumile kanjalo kimi ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi: