12. Kepha u-Ahazi wathi: “Angiyikucela, futhi angiyikumlinga uJehova.”
13. Wayesethi: “Ake uzwe wena ndlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na?
14. Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.
15. Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle.
16. Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa.