U-Isaya 7:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo, kepha babengenakulinqoba.

2. Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.

3. Kepha uJehova wathi ku-Isaya: “Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi* indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi,

4. usho kuye ukuthi: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezi zikhuni ezithunqayo, ngokuvutha kolaka lukaResini ne-Aramu nolwendodana kaRemaliya.

5. Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebile okubi ngawe, bathi:

6. “Masikhuphukele kwelakwaJuda, silikhathaze, sizinqobele lona, sibeke inkosi phakathi kwalo, indodana kaThabeyeli,”

7. ngalokho isho iNkosi uNkulunkulu, ithi:“ ‘Akuyikuma, futhi akuyikwenzeka.

8. Ngokuba inhloko yase-Aramu iyiDamaseku,nenhloko yeDamaseku inguResini;phakathi kweminyaka engamashumiayisithupha nanhlanuu-Efrayimi uyakwaphulwa angabe esaba yisizwe.

9. Inhloko yakwa-Efrayimi iyiSamariya,inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya.Uma ningakholwa,impela aniyikuma.’ ”

U-Isaya 7