U-Isaya 7:1-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo, kepha babengenakulinqoba.

2. Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.

3. Kepha uJehova wathi ku-Isaya: “Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi* indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi,

4. usho kuye ukuthi: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezi zikhuni ezithunqayo, ngokuvutha kolaka lukaResini ne-Aramu nolwendodana kaRemaliya.

5. Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebile okubi ngawe, bathi:

6. “Masikhuphukele kwelakwaJuda, silikhathaze, sizinqobele lona, sibeke inkosi phakathi kwalo, indodana kaThabeyeli,”

7. ngalokho isho iNkosi uNkulunkulu, ithi:“ ‘Akuyikuma, futhi akuyikwenzeka.

8. Ngokuba inhloko yase-Aramu iyiDamaseku,nenhloko yeDamaseku inguResini;phakathi kweminyaka engamashumiayisithupha nanhlanuu-Efrayimi uyakwaphulwa angabe esaba yisizwe.

9. Inhloko yakwa-Efrayimi iyiSamariya,inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya.Uma ningakholwa,impela aniyikuma.’ ”

10. UJehova waqhubeka ukukhuluma ku-Ahazi, wathi:

11. “Zicelele isibonakaliso kuJehova uNkulunkulu wakho, kujule endaweni yabafileyo, noma kuphakame phezulu.”

12. Kepha u-Ahazi wathi: “Angiyikucela, futhi angiyikumlinga uJehova.”

13. Wayesethi: “Ake uzwe wena ndlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na?

14. Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.

15. Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle.

16. Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa.

17. UJehova uyakuletha phezu kwakho, naphezu kwabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingafikanga kusukela osukwini u-Efrayimi asuka ngalo kwaJuda -- yinkosi yase-Asiriya.”

U-Isaya 7