U-Isaya 7:1-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo, kepha babengenakulinqoba.

2. Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.

3. Kepha uJehova wathi ku-Isaya: “Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi* indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi,

4. usho kuye ukuthi: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezi zikhuni ezithunqayo, ngokuvutha kolaka lukaResini ne-Aramu nolwendodana kaRemaliya.

5. Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebile okubi ngawe, bathi:

6. “Masikhuphukele kwelakwaJuda, silikhathaze, sizinqobele lona, sibeke inkosi phakathi kwalo, indodana kaThabeyeli,”

7. ngalokho isho iNkosi uNkulunkulu, ithi:“ ‘Akuyikuma, futhi akuyikwenzeka.

8. Ngokuba inhloko yase-Aramu iyiDamaseku,nenhloko yeDamaseku inguResini;phakathi kweminyaka engamashumiayisithupha nanhlanuu-Efrayimi uyakwaphulwa angabe esaba yisizwe.

9. Inhloko yakwa-Efrayimi iyiSamariya,inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya.Uma ningakholwa,impela aniyikuma.’ ”

10. UJehova waqhubeka ukukhuluma ku-Ahazi, wathi:

11. “Zicelele isibonakaliso kuJehova uNkulunkulu wakho, kujule endaweni yabafileyo, noma kuphakame phezulu.”

12. Kepha u-Ahazi wathi: “Angiyikucela, futhi angiyikumlinga uJehova.”

13. Wayesethi: “Ake uzwe wena ndlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na?

14. Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.

15. Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle.

U-Isaya 7