21. Nakubona ngiyakuthatha abapristi namaLevi,” usho uJehova.
22. “Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami,” usho uJehova, “kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho.
23. Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye yonke inyama iyakufika ukukhuleka phambi kwami,” usho uJehova.
24. “Bayakuphuma, babone izidumbu zabantu abaphambukile kimi, ngokuba impethu yabo ayiyikufa nomlilo wabo awuyikucima, babe yisinengiso kuyo yonke inyama.”