U-Isaya 65:4-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. abahlala emathuneni,balale ezindaweni ezisithekileyo,badle inyama yezingulube,benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,

5. abathi: ‘Hlehla, ungasondeli kimi,ngokuba ngingcwele kuwe;’banjengomusi emakhaleni ami,umlilo ovutha usuku lonke.

6. “Bheka, kulotshiwe phambi kwami ukuthi:Angiyikuthula, ngiyakuphindisela,yebo, ngiphindisele ezifubeni zabo

7. ububi babo nobubi bawoyise kanyekanye,” usho uJehova,“abashisa impepho ezintabeni,bangihlambalaza emagqumeni;ngiyakulinganisa kuqala umvuzo waboezifubeni zabo.”

8. Usho kanje uJehova, uthi:“Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni,bese kuthiwa: ‘Malingachithwa,ngokuba isibusiso sikulo,’kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami:angiyikubabulala bonke.

9. Ngiyakuveza inzalo kuJakobe,nendlalifa yezintaba zami kuJuda;abakhethiweyo bami bayakulidla,nezinceku zami ziyakwakha khona.

10. ISharoni liyakuba yisibaya sezimvu,nesiGodi sase-Akori indawo yokubuthisa kwezinkomokubantu bami abangifunayo.

11. “Kepha nina enimshiya uJehova,nikhohlwe intaba yami engcwele,nihlelele iNhlanhla* itafula,nigcwalisele isiMiselo* iwayini elixutshanisiweyo,

12. ngiyakuninqumela inkemba,nikhothamele nonke ukuhlatshwa,ngokuba lapho nganibiza, aniphendulanga,nalapho ngakhuluma, anizwanga,kepha nenza okubi emehlweni ami,nakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”

13. Ngalokho isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:“Bhekani, izinceku zami ziyakudla,kepha nina niyakulamba;bhekani, izinceku zami ziyakuphuza,kepha nina niyakoma;bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza,kepha nina niyakujabha;

14. bhekani, izinceku zami ziyakujabulangokwenama kwenhliziyo,kepha nina niyakuklewula ngokwaphuka komoya,nikhale ngobuhlungu benhliziyo.

U-Isaya 65