14. bhekani, izinceku zami ziyakujabulangokwenama kwenhliziyo,kepha nina niyakuklewula ngokwaphuka komoya,nikhale ngobuhlungu benhliziyo.
15. Niyakulishiya igama lenulibe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami,iNkosi uJehova inibulale,izibize izinceku zayo ngelinye igama,
16. ukuze kuthi ozibusisa emhlabeniazibusise kuNkulunkulu weqiniso,nofunga emhlabeni,afunge uNkulunkulu weqiniso,ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakelenangokuba zisithele emehlweni ami.”
17. “Ngokuba bheka,ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha;izinto zakuqala aziyikukhunjulwa,zingene enhliziyweni.
18. Kepha jabulani,nethabe kuze kube phakade ngengikudalayo,ngokuba bheka, ngilidala iJerusalemalibe ngukwethaba,nabantu balo babe yinjabulo.