13. Ngalokho isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:“Bhekani, izinceku zami ziyakudla,kepha nina niyakulamba;bhekani, izinceku zami ziyakuphuza,kepha nina niyakoma;bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza,kepha nina niyakujabha;
14. bhekani, izinceku zami ziyakujabulangokwenama kwenhliziyo,kepha nina niyakuklewula ngokwaphuka komoya,nikhale ngobuhlungu benhliziyo.
15. Niyakulishiya igama lenulibe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami,iNkosi uJehova inibulale,izibize izinceku zayo ngelinye igama,
16. ukuze kuthi ozibusisa emhlabeniazibusise kuNkulunkulu weqiniso,nofunga emhlabeni,afunge uNkulunkulu weqiniso,ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakelenangokuba zisithele emehlweni ami.”
17. “Ngokuba bheka,ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha;izinto zakuqala aziyikukhunjulwa,zingene enhliziyweni.
18. Kepha jabulani,nethabe kuze kube phakade ngengikudalayo,ngokuba bheka, ngilidala iJerusalemalibe ngukwethaba,nabantu balo babe yinjabulo.
19. Ngiyakwethaba ngeJerusalema,ngijabule ngabantu bami,kungabe kusezwakala izwi lokulilanezwi lokukhala.
20. “Kusukela laphoakusayikuba khona ingane yezinsuku njenexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo,ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala,isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.
21. Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo;bayakutshala izivini,badle izithelo zazo.
22. Abayikwakha, kuhlale omunye;abayikutshala, kudle omunye,ngokuba izinsuku zabantu bamiziyakuba njengezinsuku zomuthi,nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bamiuyakugugela kubo.
23. Abayikushikashikela ize,bazalele izinhlupheko,ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova,nabantwana babo bayakuba nabo.
24. Kuyakuthi bengakangibizi,mina ngiphendule;besakhuluma, mina ngiyakuzwa.