1. “Ngafunwa ngabangangicelanga,ngafunyanwa ngabangangifunanga,ngathi: ‘Ngibhekeni, ngibhekeni,’kuso isizwe esingabizwanga ngegama lami.
2. Ngizelulile izandla zamiusuku lonke kubantu abahlubukayo,abahamba ngendlela engenhlenangokwemicabango yabo,
3. abantu abangithukuthelisa ebuswenibami njalo,behlabela ezivandeni,beshisa impepho phezu kwezitini,
4. abahlala emathuneni,balale ezindaweni ezisithekileyo,badle inyama yezingulube,benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,
5. abathi: ‘Hlehla, ungasondeli kimi,ngokuba ngingcwele kuwe;’banjengomusi emakhaleni ami,umlilo ovutha usuku lonke.
6. “Bheka, kulotshiwe phambi kwami ukuthi:Angiyikuthula, ngiyakuphindisela,yebo, ngiphindisele ezifubeni zabo
7. ububi babo nobubi bawoyise kanyekanye,” usho uJehova,“abashisa impepho ezintabeni,bangihlambalaza emagqumeni;ngiyakulinganisa kuqala umvuzo waboezifubeni zabo.”
8. Usho kanje uJehova, uthi:“Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni,bese kuthiwa: ‘Malingachithwa,ngokuba isibusiso sikulo,’kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami:angiyikubabulala bonke.
9. Ngiyakuveza inzalo kuJakobe,nendlalifa yezintaba zami kuJuda;abakhethiweyo bami bayakulidla,nezinceku zami ziyakwakha khona.
10. ISharoni liyakuba yisibaya sezimvu,nesiGodi sase-Akori indawo yokubuthisa kwezinkomokubantu bami abangifunayo.
11. “Kepha nina enimshiya uJehova,nikhohlwe intaba yami engcwele,nihlelele iNhlanhla* itafula,nigcwalisele isiMiselo* iwayini elixutshanisiweyo,
12. ngiyakuninqumela inkemba,nikhothamele nonke ukuhlatshwa,ngokuba lapho nganibiza, aniphendulanga,nalapho ngakhuluma, anizwanga,kepha nenza okubi emehlweni ami,nakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”
13. Ngalokho isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:“Bhekani, izinceku zami ziyakudla,kepha nina niyakulamba;bhekani, izinceku zami ziyakuphuza,kepha nina niyakoma;bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza,kepha nina niyakujabha;
14. bhekani, izinceku zami ziyakujabulangokwenama kwenhliziyo,kepha nina niyakuklewula ngokwaphuka komoya,nikhale ngobuhlungu benhliziyo.
15. Niyakulishiya igama lenulibe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami,iNkosi uJehova inibulale,izibize izinceku zayo ngelinye igama,