1. Sengathi ungadabula amazulu, wehle,zizamazame izintaba phambi kwakho
2. njengokuphenjwa komlilo ezinsabeni,nalapho umlilo ubilisa amanzi,ukuze wazise izitha zakho igama lakho,izizwe zithuthumele phambi kwakho.
3. Ekwenzeni kwakho okwesabekayo esingakubhekanga wehla;izintaba zathuthumela phambi kwakho.
4. Kusukela endulo abantu abezwanga,abacoshanga nangendlebe,futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakhoosebenzela omhlalelayo.
5. Wahlangabeza labo ababethokoza ngokwenza ukulunga,labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho.Wena wathukuthela, thina sona;sahlala kukho nasendulo;siyakusindiswa na?
6. Sonke saba njengongcolileyo,nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo;sabuna sonke njengeqabunga,nobubi bethu basisusa njengomoya.
7. Kwakungekho owalibiza igama lakho,owazivusela ukubambelela kuwe,ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi,wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
8. Kepha manje, Jehova, unguBaba;thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu,singumsebenzi wesandla sakho sonke.
9. Ungathukutheli kakhulu, Jehova,ungakhumbuli njalo ububi.Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho.
10. Imizi yakho engcwele iphendukile ihlane;iSiyoni liphendukile ihlane,neJerusalema liyincithakalo.
11. Indlu yethu engcwele nemangalisayo,lapho obaba babekudumisa khona,ishisiwe ngomlilo,nazo zonke izindawo zethu ezithandekayo ziphendukile izincithakalo.