2. Kungani ukuba izambatho zakho zibomvu,nezingubo zakho zinjengezonyathelaesikhamweni sewayini, na?
3. “Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa;kwakungekho nami noyedwa kubantu;ngabanyathela ngentukuthelo yami,ngabaciphiza ngokufutheka kwami,negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami,ngazingcolisa zonke izambatho zami.
4. Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami;umnyaka wokuhlenga kwami usufikile.
5. Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo;ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo;yayisingisindisa ingalo yami,nokufutheka kwami kwangisekela.
6. Ngase nginyathela abantu ngentukuthelo yami,ngabachoboza ngokufutheka kwami,ngathululela phansi igazi labo.”