U-Isaya 63:15-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Bheka usezulwini,ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho:kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na?Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.

16. Ngokuba wena unguBaba;ngokuba u-Abrahama akasazi,no-Israyeli akasivumi.Wena Jehova unguBaba;igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.

17. Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho,uzenze lukhuni izinhliziyo zethu zingakwesabi, na?Buya ngenxa yezinceku zakho,izizwe zefa lakho.

18. Abantu bakho abangcwelebalidla ifa isikhashana nje;izitha zethuzinyathele phansi indlu yakho engcwele.

19. Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo,nabangabizwanga ngegama lakho.

U-Isaya 63