15. Bheka usezulwini,ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho:kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na?Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.
16. Ngokuba wena unguBaba;ngokuba u-Abrahama akasazi,no-Israyeli akasivumi.Wena Jehova unguBaba;igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.
17. Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho,uzenze lukhuni izinhliziyo zethu zingakwesabi, na?Buya ngenxa yezinceku zakho,izizwe zefa lakho.
18. Abantu bakho abangcwelebalidla ifa isikhashana nje;izitha zethuzinyathele phansi indlu yakho engcwele.
19. Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo,nabangabizwanga ngegama lakho.