12. owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayoihambe ngakwesokunene sikaMose,owahlukanisa amanzi phambi kwaboukuba azenzele igama eliphakade;
13. owabadabulisa elwandle njengehhashi ehlane,ukuze bangakhubeki, na?
14. Njengezinkomo ezehlela esigodiniuMoya kaJehova wabaphumuza.Wahola kanjalo abantu bakhoukuba uzenzele igama elimangalisayo.
15. Bheka usezulwini,ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho:kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na?Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.
16. Ngokuba wena unguBaba;ngokuba u-Abrahama akasazi,no-Israyeli akasivumi.Wena Jehova unguBaba;igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.