11. Abantu bakhe base bekhumbulaizinsuku zakuqala zikaMose, bathi:Uphi yena owabakhipha elwandlekanye nabelusi bomhlambi wakhe, na?Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,
12. owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayoihambe ngakwesokunene sikaMose,owahlukanisa amanzi phambi kwaboukuba azenzele igama eliphakade;
13. owabadabulisa elwandle njengehhashi ehlane,ukuze bangakhubeki, na?
14. Njengezinkomo ezehlela esigodiniuMoya kaJehova wabaphumuza.Wahola kanjalo abantu bakhoukuba uzenzele igama elimangalisayo.
15. Bheka usezulwini,ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho:kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na?Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.
16. Ngokuba wena unguBaba;ngokuba u-Abrahama akasazi,no-Israyeli akasivumi.Wena Jehova unguBaba;igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.
17. Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho,uzenze lukhuni izinhliziyo zethu zingakwesabi, na?Buya ngenxa yezinceku zakho,izizwe zefa lakho.
18. Abantu bakho abangcwelebalidla ifa isikhashana nje;izitha zethuzinyathele phansi indlu yakho engcwele.